Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Bulawayo
Sign InSign Up

NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 1

11 years ago | 8944 Views
Chapter 1

Kwasekuyizinsuku umaKhumalo ebona ukuthi umalukazana wakhe angathi akajabulile,kwazisephela intombi kaNkonjeni kwakungumuntu wabantu ehlala ecebezela ebusweni ngokumamatheka.

"Bathi kayibanjwa ngekhanda,uma kukhona okukhona koze kuvele ngesakho isikhathi", esho okaMtungwa ekhuluma yedwa okomuntu oseqala ukuphazamiseka lapha phezulu.

"Sabona ma.."kusho umaNkonjeni.

Lumtshaye uvalo umaKhumalo kodwa abauye azibambe njengomunt,omdala.

"Hawu sabona ntomb,emhlophe", esho ephathwa ngamahloni esaona sengathi umzwile ukuthi ubethini ngaye,ekhohlwa ukuthi ubengeke akwazi ukumuzwa umakoti wakhe kwazise ubekhulumela enhlizweni.

"Ngisayo theza inkuni,namantombazane akoNdlovu" esho eviyoca kancane wena owabona incasakazi.

"kodwa nje abafana bethezile koti ngenqola zisekhona inkuni" kuphendula esingumaMakhumalo.

"hehehehe, khona kunjalo kodwa angifuni ukudlulwa abanye abafazi" esho emomotheka kuthi ukuvela amagojana ezihlathini lapha,wayemuhle umntwana wabantu.

Nawe wawu bona ukuthi cha labantu babe ngajahi ndawo,wazalelwa emshadweni impela.

"kulungile ntomb,endala" kuvuma umaMtungwa.Ngisho noma ubani wayengeke ale phela wayeve eyingilosi umntan,abantu.

Waphuma ngesango elincane eqonde esihlahleni esaseduze nes,lotha wathatha inkatha yakhe,nango ngebatha lakhe alubhekise khona koNdlovu kwazise indlendlana yayivuthiwe okusho khona ukuthi amakhaya lawa ayenobudlelwano obuhle....!!

Nango ewela umfudlana owawusehlukanisa iHlabathi lokuqala ne lesibili.

Ethi uma ekhuphuka kuzwakale ilizwi lendoda livela ezihlahlani ngaphesheya komfula,"Hawu nokukhuthala ukhuthela futhi...?,

nngangithi uNkulunkulu ngeke akunikeze konke kodwa cha sengiyabona manje ngangizikhohlisa...".......To be continued.
2 NelsonBukho
Tags: NGANGIZAKUTHANDA

Comments

Comment as Anonymous Submit
Anonymous user 11 years
Woooow yazeyamandi lindaba!
Invite
What iBlog