Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Bulawayo
Sign InSign Up

NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 7

11 years ago | 5857 Views

Chapter 7

Lwamtshaya lwameqa uvalo umaNko,  ikhanda lathi ukuduma ngemicabango.  Isiyezi laso sathi woza sihambe.  

Wathi ukukhokha umoya kancane kwala,  esifubeni sakhe kwakubhakuza angathi kulabantu abagigayo,  wayese hlahle amehlo angathi ngumuntu ogade isitimela esingayisiso.  

Wafisa sengathi umhlaba uyavuleka umginye. Konke lokhu kwenzaka ngomzuzwana nje, ngenhlanhla umaKhumalo akazange akunake ngoba wayephethe esebenza, phela kwakuyisambeni waye sebenzisa umlomo ekukhulumeni hatshi izandla. Kazange alindele impendulo, phela nanko lomaNkonjeni lowo wayesephenduke isacuthe.

"Phela ngolwesithathu mhla sikoNdlovu .......... " kuqhuba umaKhumalo.  Maye' nkosi yami,  wayesejuluka manje umntanabantu. Amadolo esegedezela okwengane esacathula.  Sathi ukulungisa iphimbo kancane saqhubeka, "umngane wakho uMage angimbona kahle, noma nje wayegqoke impahla zesikolo nje kukhona engakusola ngaye.. ".  

Waliwisa iphika okaMafu wabonga wangaqedi ezinyokeni zakubo, qeda wazwakala eselekelela ngombuzo"Wasolani mama...... ?". Kwase kungathi umnike umbhobho wokukhuluma manje uninizala. "Umntwana lowana angathi akamanga kahle, angazi ukuthi unina akamboni nganilezikolo zalez, insuku azisawenzi umsebenzi wazo, ababalisi bagijimisa amatiye lokube bethuka abantwana bethi ngokungafundi kwethu kuphela, akulanto elengqondo abayenzanga".

Wakhuluma okomuntu okhulumela inhlanganiso yabazali esikolweni. "Mina akakaze angitshele lutho njalo angizange nginanzelele ukuthi usetshintshile.... "etsho umaNko ebamba uninazala umlomo. Wayilamula phela wayesekhulumisa okumfundisi ebone igedlela letiye eziko.

"Manje ma kuvela indaba zabo Ge kanje mina ke?, utsho nje lami akakho umuntu oyake angibone.... ?, Kodwa umyeni wami yena uzakuthini engezwa into enje... ?. Le yimibuzo eyayigijima emgqonweni kamaNko, wathi esafuna impendulo idimoni likaJezebeli elaselimgenile lafika ngukuphazima kwe so.

"Aah kuyafana lokho, kanti ukuthi yena wenzani edolobheni ngubani okwaziyo, ngubani omlandelelayo, yena uyingilosi yini ukuthi akawoni?, lami ngingumuntu phela, angilandanga izindlu yakhe lapha lokube ngilokhe ngiphekana lamatiye. Oh Nkosi yami yini owawusungamtshela yona umuntu esenje... ?.

Bayibamba indima lelo langa kwazwakala. ngitsho lomaKhumalo wamangala wayengakaze abone umakoti wakhe esebenza ngalendlela, wayethi usewujwayele umsebenzi manje, Okwangaphi umutnu ubesetshinzwiswa yimicabango ebilokhu igijima ekhanda. Lathi likhothama nje balahla amajoka, kodwa abasabambisananga indlela ngoba umaNkonjeni wathi usayodobha incwathi ngaphesheya kukamathamb, enkabi. "Ehee, umuthu omushe mushe shibili, even if you coming from the field you still shining like an angel my love..... "kusho insizwa yempumalanga.

Phela kancane kancane lendoda yayisiya ejwayela njalo ukwesaba kuphela, isikwazi lokusondela eduze lomuzi kumbe njalo kwasekuyikuhlanyiswa luthando lolo angazi... ?.

Laye umaNkonjeni lowo inhlonipho yayisithanda ukumlahlekela, esehlanyiswa yilo lolo thando olwabuyayo.

Bafika bama edwaleni elale ngaphakathi komfula, kube lelidwala lalilamehlo lomlomo, sasizezwa okunengi ngoba phela yilo ababethanda ukuza kulo loBheka. Kwalamula sona esenkombalanga kwazise sasihambisana lobumnyama. Njengenhala yenza kwadliwa kwakwejiswa, kwaze kwaba yisikhathi lowo nalowo esebizwa zingubo zakhe.

Amalanga agijima sengathi kukhona ayegijimisa, kukanti umaNkonjeni laye wayelokhu esitsha emethandweni lalomnumzana.

Inyembezi zonke leziyana lezincwadi ezazibhalwa kwanyamalala.  Lwafika usuku olubuhlungu, usuku olungaliyo.... , usuku lwezinyembezi. Zazigelenza kumaNkonjeni izihlathi lezi sezi manzi nte........ !! (watch out for chapter 8, Indoda kaPretty eyomtshado kwakungubani ibizo lakhe... ?)
1 NelsonBukho
Tags: NGANGIZAKUTHANDA

Comments

Comment as Anonymous Submit
Invite
What iBlog