You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 9
11 years ago | 5057 Views
Chapter 9
Kwathi cwaka okwesikhatshana, uNcube wabona ukuthi sekumele adlale indaba yakhe njengenhloko yomuzi. "Uyakhuluma umntwana namfana, kodwa mina angikuboni kukubi. Yikho azahle ayebona labo sebele bami.. ". Phela wayesebophanise owakwakhe lomakoti ngemisila.
"Limqotho lelo baba iphutha angiliboni futhi phela lomsebenzi awukho mkhulu kangako, ukubhula khona ngizakwenza ilima"kusho umaMthungwa, kanti wayezathini njengoba ubaba wayevume phambi kukamalukazana nje... ?.
Ngaphakathi wayengajabulanga umaKhumalo njalo wayelovalo lokuthi kuzathiwani nxa umakoti engathola uBheka elomuntu omcedisa ukwendlula umbheda, phela wayekwazi kahle kamhlophe ukuthi uBheka usemnyameni ngendaba yokubuya kukankosikazi wakhe. Waphinde waziduduza wathi, uzazibonela laye ukhulile lomaNkonjeni laye akasongane encane uyakwazi ukuthi amadoda anjani.
"Ucabanga ukuhamba nini ke malukazana.... ?"kubuza yena uNcube.
"NgeSabatha baba, kusasa ngizavuka ngilungiselela. "Kwavunyelwana ukuthi kusasa okusayo uzaqala ukulungiselela umalukazane... !!Lakanye kwabanjalo, wavuka kusempondozankomo wathatha impahla zonke ezazingcolile waqonda ngakumathamb, enkabi.
Phela lapha ekhaya babekholelwa ekutheni amanzi omfula awaqedi sepa kukanti wona ngokwawo ayatshenisa asazi ukuthi kwakuliqiniso elingakanani lokho. Njengoba watshona edidizela kwamphangisela ukubamnyama, ngenhlanhla uninazala wamsiza ngaseziko. "Manje ngizakwenza njani....... ?"
Wayesezi buza eziphendula unkosikazi kaBheka, phela kusasa okusayo zazibotshwa. Walala esidla amathambo engqondo okaMafu, kwasa ewavule okwayizolo. Kwathi ngemva kokukhala kwenkukhu zakuqala ubuthonga bathi asihambe. bathi busathi behla kamnandi wezwa"vooyi.. vo vovoyi voyi, ........ ".
Wayesekhona uMandla ngenqola, phela ukusuka eMahlabathini usiye lapho okugadelwa khona ibhasi kwakungumango owawufuna usuke udle isitshwala nxa kuyikuthi uzahamba ngezika Adam. Wathi ukuphuluphulula, kwazise inkombalanga yayingavumelani labo. Wakhuza umfana kwazwakala, ngenhlanhla obabhemi bakhe babejwayelane lawo umango lowu. UMandla wahamba ekhuza, umaNko yena wayephakathi kwenkulu impikiswano emqondweni wakhe. "Ayika dluli maNko..... "kusho uMandla.
Lwamtshaya uvalo, phela wayengekho lapha lumuntu. "Hawu utsho ngani... ?". "Awuboni kusase labantu emlilweni laphana... ?" waphendula ngombuza laye uMandla.
Wathi eqeda ukwehla nje, umdumo webhasi waqala ukuzwakala. Yayisiholoba isiqansa umqanso wokucina, , , !
Bathi bekhanyiswa yibukhanyi bamehlo ayo akekho owatshela omunye, wonke umuntu wadumela imitshaqana yakhe.
"Asambe mdala sifuna ukuthola itiye lisatshisa.... ", esho ngobugabazi umfana webhasi, wayebambe insimbi zomnyango inyawo zilenga emoyeni, wawungafunga uthi lomfana wawuyela esikolweni lowo msebenzi. Lakanye umtshayeli wafaka isitina egiyeni.
Kwenzeka konke lokhu nje umaNkonjeni ikhanda liyaduma, lokuthi uMandla umvalelisile kumbe akamvalelisanga kwazibani. Lathi liphuma kunina base beqalile ukubona izindlu ezilobu nkanyinkanyi, sebebona lezimota ezinengana. UmaNkonjeni wethuswa libhakane elikhulu elalisesandleni sakhe sokunxele elalibhalwe ngamabala amakhulu (WELCOME TO............ )
0
Tags: NGANGIZAKUTHANDA
Comments
What iBlog
-
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 12B
Posted: 2013 June 04 | 10865 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 12A
Posted: 2013 June 02 | 12076 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 11
Posted: 2013 June 02 | 6002 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 10
Posted: 2013 June 02 | 7346 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 9
Posted: 2013 June 02 | 5057 Views -
GANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter8
Posted: 2013 June 02 | 4866 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 7
Posted: 2013 June 02 | 5874 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO: Chapter 6
Posted: 2013 June 02 | 4556 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 5
Posted: 2013 June 02 | 6363 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 4
Posted: 2013 June 01 | 10097 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 3
Posted: 2013 June 01 | 5732 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 2
Posted: 2013 June 01 | 5720 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 1
Posted: 2013 June 01 | 8970 Views
Categories