You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 2
11 years ago | 5701 Views
"we' maKhumalo ngisake ngiyolunguza ngemasimini,angiza ngibuquthe namhlanje ngizwe sengathi yinklogo yenhlavukazi kaGatsheni ebizwakalela ngemasimini phakathi kwamabili.....",usho umdala uNcube ephuma nge ndlini enkulu.Elokhu elungilungisa ibhulugwe lakhe lika khaki.
Wayeve elithanda bantu kwazise lalingadedesi,kwakuthi noma sekunesikhathi lisemzimbeni lingamdaluli ebantwini.Ngapha ngasokhalweni lali khwinciwe wawungafunga ukuthi ubelibopha ngenyoka....!Guga sithebe....,phela uNcube ngensuku zakhe kwakulisoka indoda eyayithi uma ikhuluma kuzwakale,ithi uma ikhulumisa intombi zonke zisabele ngokushesha,intombi zazizizela ngisho uE,lvovo wenzakancane.Akazange ebe esalindela impendulo okaNcube wathatha induku zakhe loteketana,nango eqonda ephaneni.
Izikhothamathe zakhe zamhlala izithende.OkaMtungwa wayese mkulwini elungisa ukudla kwase kuseni phela kwakuyisambane lesi,yingakho umalukazana wakhe wayekwazi ukuphuma engabambanga lutho,phela lokubayinyoka waye yinyoka umntan,abantu.
Ngale ngaphesheya komfula umathamb,enkabi umaNkonjeni wayeselokhu engumhlanga okwayizolo,waqhaqhazela wena owabona umuntu ekhulunyiswa lithonga."Hawu uligwala kangaka .......?",kubuza izwi manje selithe ukwehla kancane. Anyemukule ngokushesha ebunzini lakhe sekulelongwe lenkomo umaNkonjeni,"Wena Mandla uyi.......,mxm uzangikhulumisa kabi uyazi,kungani udlala kubi so....,lebhongwani leli ulithathaphi...?".
Welekanisa ngemibuzo kuhle kwepholisa.
Wazihlekela uMandla ndini,elokhu ephethe ezicunta inzala eyayisi mhlasele. "Uyangaphi ekuseni kangaka,bakuthume ngekhaya yini.......?",kubuza uMandla esebonakala ethukile."Abangithumanga ngiyodlula ngithatha uMage siyotheza....",kuphendula okaMafu.
Isibindi sathi gidi kuMandla.Phela uMandla ubuza nje ubecabanga ukuthi mhlawumbe inkomozakhe zilele zingena emasimini abantu,yizo phela ezazimenze wavuka kusempondo zankomo etshaya amazolo. Kwazise babengakaqedi ukuhlawula amasaka amabele kamaMoyo, njengoba zazimkhiphile emasimini nyakenye. Zazidlana uboya lapha koGatsheni......!!Bathi ukuxoxa xoxa kancane base bephana imihlane uMandla waqonda ephaneni esengathi uya koNcube kukanti umaNkonjeni waqhubeka elubangise khonale koNdlovu.........!!
1
Tags: NGANGIZAKUTHANDA
Comments
What iBlog
-
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 12B
Posted: 2013 June 04 | 10834 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 12A
Posted: 2013 June 02 | 12028 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 11
Posted: 2013 June 02 | 5979 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 10
Posted: 2013 June 02 | 7332 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 9
Posted: 2013 June 02 | 5036 Views -
GANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter8
Posted: 2013 June 02 | 4853 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 7
Posted: 2013 June 02 | 5858 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO: Chapter 6
Posted: 2013 June 02 | 4538 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 5
Posted: 2013 June 02 | 6348 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 4
Posted: 2013 June 01 | 10067 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 3
Posted: 2013 June 01 | 5717 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 2
Posted: 2013 June 01 | 5701 Views -
NGANGIZAKUTHANDA UNJALO - Chapter 1
Posted: 2013 June 01 | 8945 Views
Categories